Uma usebenzisa amasevisi wethu, usithemba ngolwazi lwakho. Sifuna ukuqala ngokukutshela ukuthi senzani ngayo:
Idatha isinika amandla wokuthi sinikeze amasevisi wethu afana ne-Usesho, i-Gmail, ne-Amamephu.
Idatha iphinda isisize sibonise izikhangiso ezihambisanayo, ukuze sikwazi ukwenza amasevisi wethu abe mahhala kuwo wonke umuntu.
Yazi ukuthi asiluthengisi ulwazi lwakho siqu.
Futhi ulawula izinhlobo zolwazi esiluqoqayo siphinde silusebenzise.
Okokugcina, akekho owenza okuningi ukugcina wena nolwazi lwakho niphephile futhi nivikelekile.
Lapha ungathola izimpendulo kumibuzo ejwayelekile esizwa ngayo mayelana nobumfihlo nokuvikeleka:.
Izinhlobo ezinkulu zedatha esiziqoqayo zisuselwa kuzenzo ozenzayo usebenzisa amasevisi wethu afana nemininingwane ye-akhawunti yakho eyisisekelo nezinto ozidalayo.
Uma usebenzisa amasevisi wethu — isibonelo, wenza usesho ku-Google, uthola izikhombisi-ndlela ku-Google Amamephu, noma ubuka ividiyo ku-YouTube — siqoqa ulwazi olususelwa kuzinto ozenzayo, ukuze senze amasevisi wethu akusebenzele kangcono. Uma ubhalisela i-Akhawunti ye-Google, sigcina ulwazi oluyisisekelo lwe-akhawunti osipha lona, njengegama lakho, i-imeyili, nephasiwedi. Futhi sigcina siphinde sivikele okudalayo sisebenzisa amasevisi wethu, ngakho uzohlala unama-imeyili wakho, izithombe, amavidiyo, namadokhumenti uma uwadinga.
Siphinda sikunikeze amathuluzi wokulawula izinhlobo zedatha esiyiqoqayo siphinde siyisebenzise.
Okokuqala nokubalulekile, sisebenzisa idatha ukwenza amasevisi wethu asheshe, ahlakaniphe,futhi asebenziseke kalula kuwe, okufana nokunikeza imiphumela engcono yokusesha nezibuyekezo ezisesikhathini zethrafikhi. Idatha iphinda isisize ukuthi sihlaziye amaphethini ukuze sikuvikele kusukela kuhlelo olungayilungele ikhompuyutha, ubugebengu bokweba imininingwane ebucayi, nomunye umsebenzi osolisayo. Isibonelo, siyakuxwayisa uma uzama ukuvakashela amawebhusayithi ayingozi. Siphinda sisebenzise idatha ukukubonisa izikhangiso ezihambisanayo nezisebenzisekayo, nokuthi sigcine amasevisi wethu amahhala kuwo wonke umuntu.
Funda kabanzi mayelana nokuthi i-Google iyisebenzisa kanjani idatha
Cha. Asiluthengisi ulwazi lwakho siqu.
Siyalusebenzisa ulwazi oluthile, olufana nosesho olwenzile kanye nendawo yakho, ukwenza izikhangiso esizibonisayo zihambisane kakhulu futhi zisebenziseke. Izikhangiso yikho okusinika amandla ukuthi senze amasevisi wethu afana ne-Usesho, i-Gmail, ne-Amamephu abe mahhala kuwo wonke umuntu. Asabelani ngolwazi nabakhangisi nganoma iyiphi indlela ekukhombayo, ngaphandle kokuthi usinikeze imvume. Ngethuluzi lethu lezilungiselelo zezikhangiso, ungalawula izikhangiso ezisuselwa kuzintshisekelo zakho nosesho olwenzile.
Funda kabanzi mayelana nokuthi i-Google ibonisa kanjani izikhangiso
Sinamathuluzi asebenziseka kalula akusiza ukuthi ulawule ukuthi i-Google ikusebenzela kanjani.
Ku- Akhawunti yami, ungathola amathuluzi wokuphatha ubumfihlo bakho nolwazi konke endaweni eyodwa.
Ngezilawuli zethu zedatha kuzilawuli zomsebenzi, ungakwazi ukuphatha izinhlobo zedatha esiyiqoqayo, kufaka phakathi usesho lwakho, i-YouTube, nomsebenzi wendawo.
Ngethuluzi lethu lezilungiselelo zesikhangiso , ungakwazi ukulawula okususelwe kuzikhangiso kuzintshisekelo zakho nosesho olenzile.
Uma ngabe ulwazi lakho lungavikelekile, aluyona imfihlo. Yingakho uma usebenzisa amasevisi we-Google, uvikelwe ngeyodwa yezingqalasizinda yasemhlabeni ethuthukiswe kakhulu kwezokuvikela.
Ubuchwepheshe be-Google bokudlulisa amehlo ngokuphephile, obuvikela ngaphezulu kwabantu abangu-1 bhiliyoni, buyakuxwayisa uma uzama ukuvakashela isayithi elingaqukatha uhlelo olungayilungele ikhompuyutha noma umzamo wobugebengu bokweba ulwazi lwemininingwane ebucayi.
Ukubethela kuqinisekisa ukuthi ulwazi lwakho luvikelekile uma luhamba ngaphakathi kwedivayisi yakho ne-Google.
Ukuvikela kwe-Gmail kukuvikela kusukela kugaxekile, ubugebengu bokweba imininingwane ebucayi, nohlelo olungayilungele ikhompuyutha kangcono kunenye isevisi ye-imeyili.
Funda kabanzi mayelana nokuthi sikugcina uvikeleke kanjani ku-inthanethi
Yonke imikhiqizo yethu yakhiwa ngokuvikela kwe-inthanethi okuthuthukisiwe. Nazi izinto ezintathu ezilula kodwa ezibalulekile ongazenza ukuze ugcine ulwazi lakho luphephile.
Yenza ukuhlolwa kokuvikela ngokuvamile ukuze usize ukugcina i-Akhawunti yakho ye-Google iphephile futhi ivikelekile. Kuthatha amaminithi nje ambalwa.
Dala iphasiwedi eqinile, bese ungaphinde uyisebenzisele enye into ngaphandle kwe-Akhawunti yakho ye-Google.
Engeza inombolo yefoni yeselula yokutakula ku-akhawunti yakho, ukuze sikwazi ukuqinisekisa ubunikazi bakho uma ngabe ukhiyeleka ngaphandle noma sicabanga ukuthi omunye umuntu uzama ukungena ngaphakathi.
Funda kabanzi mayelana nokuthi ungenzani ukuze uhlale uphephile ku-inthanethi
Hamba ku-Akhawunti Yami ukuze uthole amathuluzi wokuphatha ubumfihlo bakho nokuvikeleka.