I-Intanethi

From Wikipedia
Jump to navigation Jump to search

I-intanethi uhlelo oluqukethwe amkhompyutha ayizigidi ahlangene ndawonye kuhleloxhumano olunzulu kuwo wonke amagumbi omhlaba olusebenzisa i-Internet protocol suite (TCP/IP). Uma uxhumeke kuyo in-intanethi nomshini osuke uwusebenzisa okungaba yikhompyutha noma umakhalekhukhwini nawo ingena kulo lolu xhaxha lohleloxhumano. Lolu hleloxhumano lohleloxhumano luqukethe olungasese, olomphakathi, olwamabhizinisi kanye nolwahulumeni uhleloxhumano olusezweni noma emhlabeni oluhuxhumene nngobuchwepheshe obuno-gesi, ubengenazo izintambo kanye nobama-fibre optics. I-inthanethi iqukethe ulwazi olnuningi okubalwa amakhasi amakhulu-ahlangene kanye namahlelokusebenza esisizindalwazi sokuxhumana somhlaba jikelele (WWW), umbikombani, ucingo lokuxhumana, kanaye nokwabelana ngamafayela.

Ukubaluleka kwe-intanethi[hlela | Hlela umthombo]

I-intanethi ibalulekile esikhathini samanje ngoba ulwazi olungini luqukethwe kuyo i-intanethi. Abantu akusadingakali ukuthi baye kobheka ulwazi emtapweni wolwazi noma bathenge amaphephandaba ukuze bathole ulwazi, sekulula manje umuntu ungena kwi intanethi athole lokhu akufunayo noma ikuphi esebenzisa ikhompyutha noma umakhalekhukhwini. I-intanetheni futhi yenza ukuxhumana phakathi kwabantu emhlabeni jikelele kube lula futhi kungambi eqolo. Usukwazi ukuxhumana nomuntu okwelinye izwe nixoxe indaba yenu niyiqede nibukana, lobu ubuchwephese be-video calling.

Okubalulekile nge-intanethi ukuthi iyakwazi ukuthatha umhlaba wonke iwusondeze, iwubeke esibukweni sekhompiyutha noma umakhalekhukhwini. Nge-intanethi abantu bayakwazi ukuxhumana nebhange, izitolo, imitapo yolwazi, izihlobo nabangani, ngingabala ngithini. Uthuthuka kobuchwepheshe be-intanethi sekuholele ekutheni kwenziwe iomali esebenza khona kwi-intanethi kuphela ukuthenga konke okudingayo. Lemali esebanza kwi intanethi kuphela ibizwa ngokuthi ama-crypto currencies, edume kakulu yaziwa ngokuthi yi-Bitcoin eyasungulwa ngonyaka wezi-2009 ngumlisa ozibiza ngoSatoshi Nakamoto.



Umthumeli we-intanethi ngokuka Buky Schwartz, endaweini yaseHolon, ezweni lakwaIsrayeli